Umthelela Wokuhlukumezeka Ngokobulili Ngenyanga Yabesifazane

Thembelihle Zwane

5 Agasti 2025

Njengoba iNingizimu Afrika ibungaza iNyanga Yabesifazane ngo-Agasti, isikhathi sokugubha amandla, impumelelo, nokuzimisela kwabesifazane, kusekhona iqiniso elinzima eliseceleni kwalemigubho esingabala kulo umthelela omkhulu wodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV) esimweni sabo sengqondo. UDlame olubhekiswe kwabesifazane akulona nje udlame olulula, kodwa luyisigameko esibuhlungu esishiya amabala angabonakali futhi ahlala isikhathi eside engqondweni yabesifazane abaningi kulelizwe.

Udaba lodlame olubhekiswe kwabesifazane eNingizimu Afrika lusakhula ngezinga elikhathazayo, izibalo zikhombisa ukuthi owesifazane oyedwa kwabathathu uhlangabezana nodlame oluthile empilweni yakhe. Ngaphandle kokuthi kuze kubonakaleizibazi emzimbeni, kukhona izibazi ezingabonakali kodwa ezmbi kakhulu. Izimpawo ezingabonakali singabala kuzo, ukulimala kwengqondo, kungabe ukudangala noma ukukhathazeka. Lesifo sibizwa phecelezi nge Post Traumatic Stress Disorder (PTSD) ukulimala kwengqondo ngemuva kodlame, ngezinye izikhathi kugcine ngomuzwa wokuzibulala.

Abasindile kulesifo bavame ukubhekana nemizwa yokuzisola, ukwethuka, ukwesaba, nokuzihlukanisa nabantu. Umehluko phakathi kodlame nokugula kwengqondo wenza kube nzima ukuthi abesifazane bafune usizo abaludingayo. Lokhu kuthula kuyayisizakalisa imicabango emibi. , Kwenza kubonakale engathi alukho usizo ongaluthola.

Inyanga yabesifazane inikeza ithuba elibalulekile lokugwema lokhu kuthula nokulwa nesihluku esihambisana nodlame nokugula kwengqondo. Izingxoxo zomphakathi, ukufinyelela emphakathini, nemikhankaso yokuvusa ulwazi kubalulekile ukuze abasindile bazi ukuthi ababodwa futhi yibo abangasiza batakule nabanye abasabambekile ngokuxoxa ngasebedlule kukho.  izindawo eziphephile lapho abesifazane bengabelana ngezindaba zabo ngaphandle kokwahlulelwa, kukhuthaza amandla nokuba nempokophelo eya phambili. Izinhlel zabesifazane ziyasiza ukwakha nomphathiukuba uqhubeke nezinhlelo zokusekela ezingcono nezinhlelo ezibeka phambili inhlalakahle yengqondo yabasindile.

Ochwepheshe bengqondo, izinhlangano zomphakathi, nabaxhumanisi bomphakathi zidlala indima ebalulekile kulo msebenzi. Ukufinyelela ekwelashweni okusekelwe ekuqondeni udlame kungasiza abasindile ukuthi bazakhele ukuzethemba, balawule izimpawu zokulimala kwengqondo, futhi bathole ukuphila okungcono.

Ukuziqinisa akusho ukuthi usukhohlowe okanye usudlulisile okwenzeke kuwe, kodwa kusho ukufunda ukuphila ngokuphelele naphezu kwazo zonke izinto ezedlule. Abesifazane abaningi bathola bakhohlisa ingqondo ngokuzibandakanya ezinhlanganweni ezinezinhlelo zokuthuthukisa umphakathi, ukuba semisebenzini yobuciko njengomdanso nobuciko nokwenza umsebenzi wezandla, nasemisebenzini yokumela amalungelo abo lapho bekuguqula ubuhlungu bube yinjongo. Lezi zindlela azisizi nje kuphela ekubuyiseleni ithemba lempilo, kodwa futhi zikhuthaza nabanye abahlangabezana nezinkinga ezifana nalezi babone kuyahambeka.

Iseluleko kwabesifazane ababhekene nezinkinga zengqondo ngemuva kodlame

Uma ungowesifazane obhekene nemiphumela yodlame, khumbula ukuthi imizwa yakho iyamukeleka futhi usizo luyatholakala. Nazi izinyathelo ongazithatha:

•  Xhumana Nabantu obathembayo: Thintana nabangani, amalungu omndeni, noma izinhlangano zokusekana ngoba awudingi ukubhekana nenkinga wedwa.

•  Funa usizo Lochwepheshe: Odokotela bengqondo, nabasebenzi bomphakathi abaqeqeshiwe, bangakusiza ngendlela efanele. Izinhlangano ezifana ne-South African Depression and Anxiety Group (SADAG) zinikeza izinsiza nemigqa yosizo.

•  Zinakekele: Beka phambili izinto ezikhuthaza inhlalakahle yakho, kungaba ukuzivocavoca, ukubhala, noma ukuziveza ngobuciko.

•  Beka Imingcele: Vikela ingqondo ngokunciphisa ukuxhumana nabantu noma izimo ezingakudicilela phansi.

•  Bekezela:  Zinike isikhathi sakho kukho konke. Ngaphambi kokwenza into, zicabangele ukuthi isikhathi nesineke sayo unaso yini.

Ngesikhathi senyanga yabesifazane, masibuyekeze ukuzibophezela kwethu ekusekeleni abasindile kudlame olubhekiswe kwabesifazane, hhayi kuphela ngokomzimba kodwa nangokwengqondo nangokwemizwa. Ukukhuluma kwandisa ukufinyelela ekunakekelweni kwengqondo, nokukhuthaza ukuqina kuyizinyathelo ezibalulekile zokuqinisekisa umphakathi lapho bonke abesifazane bengaphila ngokukhululeka, baqine, futhi baphile ngaphandle kokwesaba.

Ngoba ukuqina kwangempela kuqala lapho silalela, sikholwa, futhi siseka simi eceleni kwabo bonke abesifazane ohambweni lwabo lokuya empilweni

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *