Ukuqonda Nokubhekana Nezinsuku Ezikukhumbuza Ubuhlungu: Indlela Yokuphila Ngemva Kokulahlekelwa

Gugu Madonsela aka Donsy Kunene

1 January 2026

Kukhona izinsuku ezithile ezihlala zimbuleka ezinhlizweni zethu, zisikhumbuza ngezikhathi ezashintsha izimpilo zethu. Kungaba ukulahlekelwa umuntu esimthanda kakhulu, ukuphela kobudlwelwano, ingozi, noma olunye uhlobo lobuhlungu, lezi zinsuku zivame ukuletha isisindo esingachazeki ngamazwi.

Kuyinto ejwayelekile ukuzizwa ungakhululekile noma ucabanga ngokweqile uma lezi zinsuku zisondele. Kodwa ngokufunda ukuqaphela imizwa yakho nokulungiselela kusenesikhathi, ungakwazi ukubhekana nalezi zikhathi ngokuqonda, uzwelo, nomusa. Lapha sizoxoxa ngezindlela zokubhekana nomthelela wokulahlekelwa nobuhlungu, kanye nezindlela zokusekela abanye.

Ukubhekana Nonyaka Wokuqala Wobuhlungu

Ukwazi ukuthi usuku lokukhumbula olukhulu lusondele kungaveza imizwa eminingi. Ungazama ukulugwema engqondweni yakho, noma imicabango yakho iziqhubekele futhi kwenzeke ukuthi kube nzima ukugxila kwezinye izinto. Kubalulekile ukukhumbula ukuthi akukho ndlela efanele noma engalungile yokubhekana nalesisimo.

“Imizwa yakho ibalulekile. Usuku lokuqala lokukhumbula lungaletha imizwa eminingi efana nosizi, ukukhathazeka, intukuthelo, ukungazizwa kahle, noma uzizwa unecala lokuthi ‘uqhubekela phambili nempilo’,” kusho uKhethiwe Gama, uchwepheshe wezokwelapha ubuhlungu. “Zinike ithuba lokuzwa imizwa yakho ngaphandle kokuzahlulela. Awudingi ukusheshe udlule kulemizwa. Usizi nobuhlungu akulandeli isikhathi esinqunyiwe.”

Abantu bathola ukududuzeka ngezindlela ezahlukene. Abanye bathanda ukuthatha ikhefu bahlale bodwa bacabange ngemizwa yabo, bakhumbule umuntu noma into ebalahlekele. Abanye bafuna ukuba nabantu noma ukududuzwa.

UKhethiwe ucebisa ukwenza umkhuba onenjongo, njengokuvakashela indawo ebalulekile, ukubhala phansi, noma ukuvumela ukucasuka nokukhala. “Lezi zenzo azihloselwe ukuvala ikhasi, zihloselwe ukuqaphela ukuthi lokhu kuyishintshile impilo yakho. Wenza indawo yokuba kube yingxenye yempilo yakho yamanje, futhi lokho kuvumelekile.”

Ngabe Kufanele Ngazise Abanye Kusanesikhathi?

Abantu abakwazi ukuthi usuku lokukhumbula lungakuthinta kanjani, ngakho ukusazisa kungaba yisenzo somusa kuwe. Angeke wazi ukuthi uzozizwa kanjani ngalolosuku, noma ukhathazeke ngokwahlulelwa uma uvula inhliziyo yakho. Kodwa ukwabelana ukuthi usuku olunzima lusondele kuqala ingxoxo futhi kukhombisa abanye ukuthi ungase udinge ukwesekwa.

“Okubalulekile ukukhuluma ngokucacile ngalokho okungakusiza. Abantu bavame ukufuna ukukusekela kodwa abazi ukuthi kanjani. Ukubanikeza imiyalelo ecacile, kungaba ‘ngidinga into ezongiphazamisa emicabangweni’ noma ‘ngidinga imvume yokudangala’, kuyabasiza ukuba babe khona nawe,” kusho uKhethiwe.

Kubalulekile futhi ukukhumbula ukuthi awuphoqiwe ukwabelana nalokhu nanoma ubani uma ungafisi. “Awuphoqekilde ukuchaza,” engeza yena. “Yabelana nalabo obathembile futhi abangakwazi ukugcina isikhala sobuhlungu bakho ngaphandle kokwenza kube ngabo.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *