Indlela Abesifazane Abangalinganisa Ngayo Umsebenzi, Nomndeni

Thabisile Gumede

29 Agasti 2025

UDkt. Colinda Linde

UKUBA nguMama kungumsebenzi omuhle, kodwa odinga amandla. Ziningi izigqoko ezithwala umuntu wesifazane eyedwa. Ekhaya unguNkosikazi, abe nguMzali abe ngumqashi uma kukhona umsizi wasendlini. Ngaphandle kwalokho naye ubuye aqashwe emsebenzini wakhe noma ngabe unebhizinisi kodwa uyasebenza naye, abanye bayafunda ngisho ukufunda. Izivivinyo nazo zidinga esazo isikhathi. Lokhu kudala ingcindezi, kwazise konke lokhu kudinga umuntu onengondo eyodwa, izindla ezimbili izinyawo ezimbili nomzimba owodwa. Bagcina besebenza amahora angaphezu kwakalelwe baphinde balale amahora amancane kunalinganiselwe. Ngeke ungagcini unengcindezi uma isimo sikanje. Siyangena kancane kancane lesifo size senze umonakalo.

UDkt. Colinda Linde, onguchwepheshe wezengqondo kanye noSihlalo we-South African Depression and Anxiety Group (SADAG), banikeza ukuqonda okubalulekile ngokuthi abesifazane bangabona kanjani futhi balawule kanjani ukucindezeleka ngesikhathi bebambe amajoka abo.

UDkt. Linde ugqamisa izimpawu ezine ezibalulekile okumele omama bazilandele ukuze bagcine impilo yengqondo icabanga ngokulingana:

Izimpawu Zemizwa: Qaphela ukushintsha kwemizwa noma ukuncipha kwamazinga okubekezelela. Ukudikibala ngokushesha noma umuzwa wokucindezeleka. Lezi kungaba yizimpawu ezikuxwayisayo.

Izinguquko Ezenzweni: Ukugwema abantu, ukusebenzisa izidakamizwa ezifana notshwala. Ukungadli kahle, udle ngokweqile noma udle kancane. Lokhu kungaba yisixwayiso ukuthi lesifo sengcindezi usunaso futhi siza kabi.

Izimpawu Zomzimba: Umzimba uvame ukukhuluma kuqala. Ubanezilonda, ukuklwebheka ongakwazi obona usuklwebhekile, amehlo abuhlungu. Ukungagayeki kahle kokudla esiswini okudala ungaphatheki kahle. Laphoke amazinga aphezulu okucindezeleka.

Ukucabanga: Lapho imicabango iqala ukuphenduka ingalawuleki noma iba nemizwa engemihle kakhulu, sekuyisikhathi sokusukuma ufune usizoke lapho.

Umyalezo obalulekile kaDkt. Linde uthe kubalulekile ukuzikalela wena umsebenzi owenza ngosuku ukuthi ungakanani. Uthi ukuzixina kakhulu ngoba ujahe ukuthi umsebenzi uphele angeke kusize, uthe umsebenzi awupheli nanini. Uthi yenza okwenzekayo ungazigqilazi, ungazigqilazi nanokucabanga ukuthi lokhu ongakwenzile kuzokwenzeka kanjani. Lokhu kunganciphisa ingcindezi abaningi abazali abazibeka yona.

UDkt uphinde wagcizelela ukubaluleka kokucela usizo masinyane ngaphambi kokuba izimpawu zokucindezeleka zibe zimbi kakhulu. Uthe “Imizwa yokuzizwa unecala ayinalo usizo ngempela. Yeka ukuziqhathanisa nabanye abesifazane. Uyingqayizivele futhi unezibopho ezihlukile,” kusho uDkt. Linde.

Okumele ukwazi, inhlalakahle yethu yengqondo ayithinti thina kuphela, kodwa futhi yakha izimo esibeka izinganeni zethu kuyo.
UDkt. Linde ukhuthaza omama ukuba babe izibonelo ezinhle ngokulawula ukucindezeleka nokufuna usizo uma kudingeka. Qaphela ukuthi, ugwema izinto ozaziyo ukuthi zikubangela ingcindezi. Ukuvikela kungcono kunokwelapha, kusho uDokotela.


Okumele ukwazi ukuthu uma ungumama ozizwa engathi uhlaselwa ukucindezeleka. Lalela, awuwedwa. Kunamaqembu amaningi okwesekana lapho ungaxhumana khona nabanye abesifazane ababhekene nezinselelo ezifana nezakho. Ukuxoxa ngezinkinga zakho nabanye ozobathola abafana nawe esimweni sokugula, kungenza uzizwe namahlombe elula engathi kusuke itshe. Ukuqala uzihlanganise nabanye, kuyisiqalo sokuthola usizo ngempilo ayakho.

Khumbula: awudingi ukulinganisa konke ngokuphelele, yenza isinyathelo esisodwa ngesikhathi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *