Umthelela Wokuhlukumezeka Ngokobulili Ngenyanga Yabesifazane
Thembelihle Zwane 5 Agasti 2025 Njengoba iNingizimu Afrika ibungaza iNyanga Yabesifazane ngo-Agasti, isikhathi sokugubha amandla, impumelelo, nokuzimisela kwabesifazane, kusekhona iqiniso elinzima eliseceleni kwalemigubho esingabala kulo umthelela omkhulu wodlame olubhekiswe kwabesifazane (GBV) esimweni sabo sengqondo. UDlame olubhekiswe kwabesifazane akulona nje udlame olulula, kodwa luyisigameko esibuhlungu esishiya amabala angabonakali futhi ahlala isikhathi eside engqondweni yabesifazane abaningi kulelizwe….
