Kuyizinkomba Zokugula Ukukhuthala Ngokweqile
Thembelihle Zwane 22 July 2025 UKUKHUTHALA nokuhlanzeka noma kuyinto ejwayelekile nekhuthazwa kubantu kodwa kuvamile emakhaya ukuthi umuntu akwenze kuze kweqe kugcine sekuthiwa umthetho wakhe. Lokhu kungabukeka njengento ejwayelekile neyenzeka nsuku zonke kodwa ongoti bezempilo bathi uyadinga ukuqashwela ekhaya umuntu ogcina eseyisikhwishikhwishi akhuthale ngokweqile. Ungoti wengqondo nowelapha abanezifo zengqondo, uDkt Lindiwe Xaba uveze ukuthi baningi emakhaya…
