Imishanguzo yokhwantalala ingehlisa ukulangazela ucansi
Thabani Maphanga 29 July 2025 IMISHANGUZO eyelapha ukhwantalala, ingcindezi yomphefumulo ingaholela ekutheni abayisebenzisayo bangalulangazeli ucansi noma kushintshe indlela abebelulangazelela ngayo. UMnuz Abdurahmaan Kenny, osophikweni olubhekele izifo ezithinta ingqondo ePharma Dynamics, uthe bajwayele ukunikeza iziguli imishanguzo ngenhloso yokuthi kwelapheke izifo ezithinta ingqondo kodwa kwesinye isikhathi baye bathole ukuthi iziguli ezisebenzisa leyo mishanguzo kunokuthi zelapheke zigcina sezinezimpawu…
