Ukuqonda Nokubhekana Nezinsuku Ezikukhumbuza Ubuhlungu: Indlela Yokuphila Ngemva Kokulahlekelwa
Gugu Madonsela aka Donsy Kunene 1 January 2026 Kukhona izinsuku ezithile ezihlala zimbuleka ezinhlizweni zethu, zisikhumbuza ngezikhathi ezashintsha izimpilo zethu. Kungaba ukulahlekelwa umuntu esimthanda kakhulu, ukuphela kobudlwelwano, ingozi, noma olunye uhlobo lobuhlungu, lezi zinsuku zivame ukuletha isisindo esingachazeki ngamazwi. Kuyinto ejwayelekile ukuzizwa ungakhululekile noma ucabanga ngokweqile uma lezi zinsuku zisondele. Kodwa ngokufunda ukuqaphela imizwa yakho…
