Usizo lokufaka isicelo sokungenisa umuntu esikhungweni sabagula ngengqondo ngesivumelwano
Uma ugula ngengqondo, ungalaliswa esikhungweni sabantu abagula ngengqondo. Ukugula ngenqondo isifo esikuphazamisa ekucabangeni kwakho nokuhambisana nezinto. Ukugula ngenqondo kuhambisana na depression, schizophrenia, bipolar disorder, Obsessive Compulsive Disorder (OCD), Panic Disorder, Post Traumatic Stress Disorder (PTSD) kanye ne borderline personality disorder. Okuhle ukuthi kuyalapheka ukugula ngenqondo ukuthi kuyalapheka uma uthole ukwelashwa ngendlela.
- Iya kudokotela noma ezikhungweni ezibheke abantu ababhekele lokhu kugula.
- Udokotela uzo:
- Uzokuhlola
- akunikeze incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele.
- Faka isicelo esikhungweni esilapha abagula ngenqondo.
- Letha:
- incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele
- incwadi yakho yesivumelwano
- ikhophi kamazisi wakho (ID).
Qaphela: Uma ukugula kwakho kulapheka, inkantolo ingakuphoqa ukuba uxhumane nesikhungo ukuze ulashwe ngaphandle kwesivumelwano sakho.
Udokotela okusizayo uyena ozonquma ukuthu uzohlala isikhathi esingakanani.
Kumahhala ezikhungweni zikahulumeni ongazikhethelanga.
Qaphela: Uyakhokhiswa uma uzikhethelile.
Amafomu atholakala uma ufika esikhungweni sabagula ngenqondo.
