Ukubuyela Emsebenzini Emuva Kokugula Ngokwengqondo

Thembelihle Zwane

26 October 2026

Njalo ngonyaka ngomhlaka 27 October, umhlaba wonke ugubha Usuku Lwezokwelashwa Kwemisebenzi (World Occupational Therapy Day). Kulonyaka lolusuku kulonyaka lugujwa ngaphansi kwesihloko se- World Federation of Occupational Therapists esithi “Ukubamba Iqhaza Kubalulekile” (Participation Matters). Lolu suku lugqamisa ukubaluleka kwabantu abasiza abanye ukuba baphile impilo eyejwayelekile, bakwazi nokuzimela emsebenzini naphezu kobuningi bomsebenzi  ababhekana nayo nsuku zonke. Nokho, ngaphandle kwalo mgubho, kukhona udaba olukhulu oluthinta inqwaba yabantu: ubunzima bokubuyela emsebenzini emva kokugula ngokwengqondo (mental illness). Ukugula ngokwengqondo akuyi ngokuthi uwubani kodwa kuhlasela noma ubani kunoma yisiphi isigaba sempilo. Inselelo enkulu ayigcini nje ngokwelashwa esibhedlela noma ekhaya; iyaqhubeka nanxa umuntu ezama ukuphindela empilweni yansuku zonke, ikakhulukazi emsebenzini wakhe.

UDumisani Ndlovu, owumsebenzi waseThekwini, waba nohambo olunzima emva kokuxilongwa ngokucindezeleka okukhulu (depression) kanye nokukhathala ngokweqile emsebenzini (burnout). Uthi ukubuyela emsebenzini kwaba njengokugibela intaba engenakukhuphukeka.

“Kwakuwubunzima obukhulu. Lapho sengibuyela emsebenzini, ngangizizwa nginokwesaba ukuthi abasebenzi bazongibuka ngelinye iso. Kwakunokwesaba ukuthi ngizokwehluleka emsebenzini futhi ngingasakwazi ukwenza izinto njengakuqala,” kusho uDumisani.

Labo ababuyela emsebenzini babhekana nezinkinga ezinkulu ezifana nokucwaswa nokungaqondakali (stigma), lapho abantu abaningi emsebenzini basenokungazi kahle ngezifo zengqondo, okwenza abagulayo bezwe sengathi bayahluleka noma bahlaliswa kude nabanye. Kube sekuba khona nokwehluleka ukugxila (concentration issues), lapho umqondo ongakalulami kahle wenza kube nzima ukuqedela imisebenzi ehleliwe, okwandisa ukukhathazeka (anxiety) kumuntu osanda kuqala ukusebenza futhi. Konke lokhu kudalwa ukusweleka kokusekwa okwenza abanye abasebenzi bezwe sengathi bazolwa impi yodwa emsebenzini.

Lapha kulapho izazi zezokwelashwa kwemisebenzi (occupational therapists) zidlala indima enkulu kakhulu. Laba ochwepheshe abagcini ngokubheka umzimba, kodwa basiza umuntu ukuba abuyisele amandla akhe okwenza imisebenzi yansuku zonke, kuhlanganise nendlela yokubhekana nengcindezi emsebenzini (stress management). Bayasiza ngezinhlelo zokubuyela kancane kancane emsebenzini, lapho umuntu eqala khona ngokusebenza amahora amancane bese ekhuphuka kancane kancane njengoba amandla akhe engqondo ebuya.

Ucwaningo lwaseNingizimu Afrika ngaphansi kwezazi ezifana noProfesa Mogammad Shaheed Soeker (UWC) noProfesa Lana van Niekerk (Stellenbosch University) luveza ukuthi nakuba ihlazo, izimpawu ezisele, nokwesaba ukulahlekelwa umsebenzi kuyizihibe ezinkulu kwabaphila neziphazamiso zengqondo, ukubuyela emsebenzini ophusile kuvikela impilo yengqondo nemali yomuntu. Izinhlelo ezibunjwe kahle Zokwelapha Ngomsebenzi (Occupational Therapy) eziletha usizo endaweni yokusebenza zinosizo olukhulu ekutheni abasebenzi babuyele emsebenzini, nokuyinto esigqanyiswe kakhulu kulo mkhakha ezweni lonke kuhlanganisa nokuzinikela kwe-South African Journal of Occupational Therapy kule ndaba.

Ukuze le nqubo ibe lula, osomabhizinisi nabaqashi kumele bakhe indawo yokusebenza evulekile nethembekile. Lokhu kuhlanganisa ukukhuluma ngokukhululeka ukuze impilo yengqondo ingabi yinto okumele ifihlwe, kanye nokuqeqesha abaphathi ukuze bazi ukuthi bangamsekela kanjani umsebenzi obuyela emsebenzini emva kokugula. Okunye okubalulekile ukwenza izinto zibe lula , njengokuvumela umuntu ukuba asebenze ekhaya ngezikhathi ezithile noma ukunciphisa imithwalo womsebenzi kuze kube yilapho eqina ngokugcwele.

Ukubuyela emsebenzini emva kokugula ngokwengqondo akulula, kodwa ngothando, ukuqonda kanye nokwesekwa okufanele okuvela emphakathini nasemsebenzini, abantu bayakwazi ukuphinde bazakhele ikusasa eliqhakazile.

Ngaphezu kwakho konke, umthetho waseNingizimu Afrika osungulwe ngaphansi kwe-Employment Equity Act (EEA) uvikela abasebenzi ababhekene nokugula ngokwengqondo ukuba bangacwaswa, njengoba ubala izifo zengqondo njengokukhubazeka. Le ndlela yezomthetho ibophezela abaqashi ukuthi bahlinzeke ngezindlela ezifanele zokulungisa indawo yokusebenza njengokulungisa amahora okusebenza noma imithwalo yemisebenzi, ukuze kuqinisekiswe ukuthi umsebenzi obuyela emsebenzini uthola ukusekelwa okuyikho ngaphandle kwengcindezi yokuxoshwa noma ukukhishwa inyumbazane.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *