Buyisa Amandla Akho

10 Agasti 2025 Carolyn Sithole Ngesikhathi ngiqala uhambo lwami lokuphola emuva kokuphazamiseka ngokwengqondo, umuntu engihlekisana naye wathi: “Anginandaba nokuthi unesifo sini; ngizohlala eceleni kwakho inqobo nje uma uthola usizo.” Ngakho-ke ngenza njalo. Ngesikhathi ngiya kudokotela, ngangicabanga ukuthi ngizokhuluma naye ngenkinga yami yokuphefumula okwakungihlasela. Wangitshela ukuthi kukhona ukukhathazeka kwengqondo (anxiety), kodwa angizange ngimkholelwe. Ngoba mina ngiyazi…

Read More
diligence

Kuyizinkomba zokugula ukukhuthala ngokweqile

Thembelihle Zwane 22 July 2025 UKUKHUTHALA nokuhlanzeka noma kuyinto ejwayelekile nekhuthazwa kubantu kodwa kuvamile emakhaya ukuthi umuntu akwenze kuze kweqe kugcine sekuthiwa umthetho wakhe. Lokhu kungabukeka njengento ejwayelekile neyenzeka nsuku zonke kodwa ongoti bezempilo bathi uyadinga ukuqashwela ekhaya umuntu ogcina eseyisikhwishikhwishi akhuthale ngokweqile. Ungoti wengqondo nowelapha abanezifo zengqondo, uDkt Lindiwe Xaba uveze ukuthi baningi emakhaya…

Read More

Bathwele kanzima kwezikahulumeni abagula ngengqondo

Lungile Kunene 8 July 2025 INHLANGANO elwela abaphila nezifo zengqondo, iSouth African Depression and Anxiety Group (Sadag) ikhathazekile ngesimo sezibhedlela ezisiza abagula ngengqondo. Isho lokhu emuva kokuthola ukuthi iziguli eziphila nezifo zengqondo eCharlotte Maxeke eGoli ziphila ngaphansi kwezimo ezinzima. iWholeness Magazine ithole ukuthi iziguli eziwu-30 eziphila nezifo zengqondo zigcinwe egumbini elilodwa, azinayo indlu yokuzikhulula kanti…

Read More