Sukumelani Izifo Zengqondo
Thembelihle Zwane 9 July 2025 UCWANINGO lwakamuva luveza ukuthi ukushintsha kwesimo sezulu kuhambisana nokunyuka kwezinkinga zezifo zengqondo, kwazise abantu bachitha isikhathi esiningi bezivalele. UNkk Sandy Lewis, ofundisa ngezifo zengqondo eNetcare, uveze ukuthi abacwaningi bathi uma kushintsha inkathi yonyaka nezingqondo ziyashintsha indlela ezisebenza ngayo. “Ebusika ilanga liphuma amahora ambalwa, bese labo abanezifo zengqondo bezithola bengahlalisekile (kahle)…
