Izinselelo Zezimali Kwezempilo

Mbali Gwala

6 August 2025

INingizimu Afrika inohlelo lwezempilo olukhethekile oluhlanganisa imikhakha yomphakathi (public sector) nomkhakha ozimele (private sector), enikeza izinsizakalo zezokwelapha ingqondo. Ukuthola izinsizakalo zezempilo nezengqondo ezisezingeni eliphezulu ezweni lethu kuyinselelo enkulu. Nakuba kunezingqinamba ezikhona ekusabalaliseni imithi, akhona amathuba okuthuthukisa ngokutshalwa kwezimali, ukuqwashisa, kanye nobuchwepheshe obusha. Ngokubhekana nalezi zinselelo, uhlelo lwezempilo laseNingizimu Afrika lungaba nomthelela omuhle, luphinde luqinisekise ukuthi zonke izakhamizi zithola ukunakekelwa okulinganayo.

Umkhakha womphakathi usebenzela iningi labantu futhi uxhaswa uhulumeni. Unikeza izinsizakalo ezibalulekile zezempilo ngentengo ephansi noma mahhala kubaguli. Loluhlelo lwamahhala luvame ukubhekana nezinkinga ezifana nokugcwala kweziguli, isikhathi eside sokulinda, kanye nokushoda kwemithi.

Umkhakha wezempilo ozimele unakekela cishe u-16% wabantu, ikakhulukazi labo abakwazi ukukhokhela umshwalense wezempilo wangasese (medical aid). Nakuba umkhakha wezempilo ozimele eNingizimu Afrika waziwa ngobuhle nokusebenza kahle, izindleko zawo eziphezulu zenza ungafinyeleleki kubantu abaningi. Ukuze uthole ukunakekelwa esikhungeni sezempilo esizimele, kudingeka umshwalense wezempilo, labo abangenawo babhekana nezindleko eziphezulu. Lokhu kunciphisa amathuba abantu okuthola ukunakekelwa okusezingeni kulabo abangenayo Imali eyanele yokuphila.

Enye yezinselelo ezinkulu ohlelweni lwezempilo eNingizimu Afrika umehluko wezinsiza phakathi kwamadolobha nasemakhaya. Izindawo zasemadolobheni zivame ukuba nezikhungo ezihlukile nezisebenzi zezempilo eziningi, kanti emakhaya kuvame ukushoda kokubili. Abahlali basemakhaya bavame ukubhekana nezinselelo ezinkulu ekutholeni ukunakekelwa okusheshayo nokwanele.

Nakuba inikeza izinsizakalo ezibalulekile zezempilo kubantu abaningi baseNingizimu Afrika, umkhakha wezempilo yomphakathi ubhekene nezinkinga ezifana nokuxhaswa okunganele, ukungabi nezakhiwo ezifanele, kanye nokushoda kwabasebenzi bezempilo abaqeqeshiwe. Lezi zinselelo zidala isikhathi eside sokulinda, izikhungo ezigcwele, futhi kwesinye isikhathi ukunakekelwa okungaphansi kwezinga. Naphezu kwemizamo kahulumeni yokuthuthukisa uhlelo, lezi zinkinga ziyaqhubeka zithinta izinga lempatho etholakala kubantu abaningi.

Ukucwaswa okuhambisana nezifo zengqondo kuphazamisa ukuthola usizo. Abantu abaningi abavumi ukufuna usizo ngenxa yokwesaba ukuhlukunyezwa noma ukuqonda okungalungile, okungavimba ukufinyelela osizweni lokulapheka ngokwengqondo okudingekayo.

Ukuthuthukisa ikhwalithi yezempilo yomzimba nengqondo eNingizimu Afrika kudinga ukutshalwa kwezimali okwengeziwe emkhakheni wezempilo yomphakathi. Lokhu kufaka uxhaso lokuthuthukiswa kwezakhiwo, imishini yezokwelapha, kanye nokuqeqeshwa nokutholwa kwabasebenzi bezempilo. Ukuqinisa uhlelo lwezempilo lomphakathi kubalulekile ukuqinisekisa ukuthi zonke izakhamizi zithola ukunakekelwa okuhle, kungakhathaleki isimo sabo somnotho.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *