Ngosizo lokufaka isicelo sokungenisa umuntu esikhungweni sabagula ngekhanda ngesivumelwano
Uma ugula ngekhanda, ungalaliswa esikhungweni sabantu abagulunga ngekhanda.
Ukugula ngenqondo isifo esikuphazamisa ekucabangeni kwakho nokuhambisana nezinto. Ukugula ngenqondo kuhambisana na depression, schizophrenia, bipolar disorder, Obsessive Compulsive Disorder (OCD), Panic Disorder, Post Traumatic Stress Disorder (PTSD) kanye ne borderline personality disorder. Okuhle ukuthi kuyalapheka ukugula ngenqondo ukuhti kuyalapheka uma uthole ukwelashwa ngendlela.
Okufanele ukwenze
Iya kudokotela noma ezikhungweni ezibheke abantu ababhekele lokhu kugula.
Udokotela uzo:
Uzokuhlola akunikeze incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele.
Faka isicelo esikhungweni esilapha abagula ngenqondo.
Letha:
- incwadi yokukudlilisela esikhungweni esifanele
- incwadi yakho yesivumelwano
- ikhophi kamazisi wakho (ID).
Qaphela: Uma ukugula kwakho kulapheka, inkantolo ingakuphoqa ukuba uxhumane nesikhungo ukuze ulashwe ngaphandle kwesivumelwano sakho.
Isikhathi esinqunyiwe
Udokotela okusizayo uyena ozonquma ukuthu uzohlala isikhathi esingakanani.
Kubiza malini
Kumahhala ezikhungweni zikahulumeni ungazikhethelanga.
Qaphela: Uyakhokhiswa uma uzikhethelile.
Amafomu okumele agcwaliswe
Amafomu atholakala uma ufika esikhungweni sabagula ngenqondo.
Imininingwane yokuxhumana
Mental health help line – 0800 12 13 14
